Ukuphathela iNkosi—Ize Ifike
Masingana | Nhlolanja | Ndasa 2023
Isifundo 12
Ndasa 18–Ndasa 24
Imivuzo Yokwethembeka
Imivuzo:
Umvuzo wakhe.
Ngobani abayakwamukela umvuzo wabo kuJesu mhla ebuya na?
Olungileyo (AmaHubo 58:11)
Ohlwanyela ukulunga (Izaga 11:18)
Labo abazingelwa ngenxa yokukholwa kwabo (Mathewu 5:12)
Labo abathanda izitha zabo (Luka 6:35)
Labo abanesibindi (KumaHebheru 10:35)
Labo abamfunayo (KumaHebheru 11:6)
Abaprofethi, nabangcwele, nabesabayo igama lakho (Isambulo 11:18)
Umvuzo uyakuya ngokwemisebenzi yalowo nalowo (1 KwabaseKorinte 3:8). Ngabe lokho kusho ukuthi sisindiswa ngemisebenzi yethu na? Akunjalo neze!
Usindiso yisipho bonke abangasamukela noma benemisebenzi enjani (Tit. 3:5). Yilowo nalowo osindisiweyo uyakwamukela “umqhele,” ongumvuzo omfaneleyo (2 KuThimothewu 4:8).
Ukuphila phakade.
Yine ngempela esifanele? Yini “umvuzo” wethu na? Wukufa okusifanele. Yini uNkulunkulu asinika yona “njengesipho”? Ukuphila phakade (KwabaseRoma 6:23).
Lona ngumvuzo ongasifanele, okuyisiphelo esahlukile kuleso esifanelwe yisona. Bonke bangawamukela lowo mvuzo uma bewamukela ngokholo (Johane 3:16).
Ukuba noJesu.
Nathi sinalelo themba: ukuphila eJerusalema elisha, umuzi “izizwe eziyakuhamba ekukhanyeni kwawo” (KumaHebheru 11:10, 16; Isambulo 21:24). Yini esiyakuyifumana lapho na?
Isandla sikaNkulunkulu sothando siyakwesula izinyembezi zethu. Ubuhlungu nokufa kungasekho (Isambulo 21:4).
Insimi yase-Edeni, lapho siyofinyelela futhi sidle isithelo sokuphila (Genesise 3:22; Isambulo 22:2).
UJesu. Siyakumbona ubuso nobuso (Isamb. 22:4).
Ukwethembeka:
Ukuba yinceku yeNkosi…
Umfanekiso wamatalenta umayelana nendlela esiphathe ngayo lokho uNkulunkulu asinike khona, ngokwesikhathi sokugcina (Mathewu 25:14-30).
UNkulunkulu usinika kuphela lokho esingakusebenzisa.
Ngulowo nalowo kufanele agcine iziphiwo zakhe kanye nakuzuzile akunikiwe, noma kungakanani. Umvuzo uyolingana nakho (Mathewu 25:23).
…ize ibuye.
Kubukeka sengathi, uPawule akaphilanga impilo yempumelelo. Kodwa, iBhayibheli lithini ngokuphila impilo enempumelelo nenjabulo na (2 KuThimothewu 3:12).
Kodwa, iBhayibheli lithini ngokuphila impilo enempumelelo nenjabulo na (1 KuThimothewu 6:6-12)?
Akumayelana nokuba nezinto eziningi
Kumayelana nokuba nalokho okudingayo lapho ukudinga
Kungokubambelela ezithembisweni zikaNkulunkulu
Kungokubonga uNkulunkulu kanye nokumthemba
Lapho uJesu ebuya, siyakwamukela umvuzo osifanele ngokugcina lokho okungokwakhe (2 KuThimothewu 4:6-8).