Managing for the Master Till He Comes

January | February | March 2023

Isifundo 2

January 7–January 13

Izivumelwano Zikankulunkulu Lathi

  1. Isivumelwano sosindiso



    • Ukusindiswa akusona isivumelwano sohlangothi olulodwa esivela ohlangothini lukaNkulunkulu. Ngakho-ke, akusibo bonke abazosindiswa kungakhathalekile ukuthi benzani loma bakholwani. Kuyisivumelwano phakathi kukaNkulunkulu labantu: Kholwa [ingxenye yethu] … futhi uyakusindiswa [ingxenye kaNkulunkulu]” (Izenzo 16:31).

    • Kuyisivumelwano esilula. Azikho izigatshana eziyinkimbinkimbi noma ezinzima. Umgomo wawo omkhulu uwukusinika ukuphila okuphakade ( 1 Johane 5:13 ). Nokho, lesi akusona isivumelwano esisayinwa kanye bese sikhohlakala

    • ( Mathewu 24:13 )

    • Lapho uPawulu esezokufa, wayeqiniseka ukuthi ‘wayelugcinile ukholo,’ nokuthi wayeyokwamukela “umqhele wokulunga” kanye “nabo bonke abaye bathanda ukubonakala Kwakhe” ( 2 Thimothewu 4:6-8 ) .



  1. Isivumelwano sesibusiso

    • Isivumelwano uNkulunkulu asenza lo-Israyeli (kanye lathi) sihlanganisa izibusiso ezinengi ( Duteronomi 28:1-13 NIV ): Ubusisiwe umuzi elihlala kuwo (3); Babusisiwe abantwana bakho (4); Libusisiwe iholo lakho (4); Zibusisiwe izinto ozisebenzisaemsebenzini (5); Ibusisiwe indlu yakho lezindawo ozivakatshelayo (6); Liyakubusiswa phakathi kwezitha zenu (7); Ubusisiwe umsebenzi wakho (8).

    • Kulezimo ezithile zokuthola lezi zibusiso: Lalela uNkulunkulu futhi ulalele imiyalo Yakhe (1); Phila ngokwentando kaNkulunkulu (9); Yenza uNkulunkulu abe yedwa iNkosi yokuphila kwakho (14).

  2. Isivumelwano sezithelo zakuqala

    • Isivumelwano sezithelo zakuqala sisebenza kanje:

Ingxenye yethu: Ukunikeza uNkulunkulu kuqala okuhle kakhulu.

– Ingxenye kaNkulunkulu: Ukubusisa abanye.

    • Lesi sivumelwano sihlanganisa izithelo zomsebenzi wethu, uthando lwethu, isikhathi sethu…

    • Kungase kuzwakale kungelangqondo, ngoba uma sipha okokuqala lokungcono kakhulu, sizoba lokuncane lokubi kakhulu okuseleyo… Nokho, lokhu kwehlukile ngoNkulunkulu. Kungani?

    • Ngaphandle kwesibusiso esivela kuNkulunkulu, iBhayibheli ligcwele izeluleko zokuyiphatha ngokuphumelelayo imali yethu, uthando lwethu, nesikhathi sethu.



  1. Isivumelwano sokwetshumi

    • UMalaki wabhala amazwi akuMalaki 3:10 ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli bekhohlwe ingxenye yabo esivumelwaneni sikaNkulunkulu. Ngakho wathi: “Buyelani kimi, futhi ngizobuyela kini”

    • ( Malaki 3:7 )

    • Wabe esephakamisa isivumelwano, isivumelwano senyama nemiphumela yomoya. Lesi sivumelwano siyasebenza nakithi namuhla: Lethani kimi okweshumi futhi ngizonibusisa ( Malaki 3:10 ).

    • Abantu bakwa-Israyeli bakufakazela ukuthi lesi sivumelwano siyasebenza. Ezikhathini zenkosi uHezekiya, “baletha kakhulu okweshumi kwakho konke” ( 2 IziKronike 31:5 ). Khona-ke bangasho ukuthi “iNkosi ibabusisile abantu bayo.” ( 2 IziKronike 31:10



  1. Ezinye izivumelwano



    • UJesu wandisa isivumelwano solibo: Uma sibeka uNkulunkulu endaweni yokuqala, uyosinika ukudla nezingubo, futhi uyokwanelisa izidingo zethu (Mathewu 6:25-34).

    • Kulezinye izivumelwano eBhayibhelini:



ISIVUMELWANO

INGXENYE YETHU

INGXENYE KANKULUNKULU

Isivumelwano sokuthula ( Isaya 26:3 )

Themba uNkulunkulu futhi ucabange Ngaye

Siphe ukuthula okupheleleyo

Isivumelwano sokuthethelela ( 1Joh. 1:9 )

Vuma izono zethu

Xolela izono zethu usihlanze ebubini

Isivumelwano sokusilisa

( 2 IziKr. 7:14 )

Zithobe, khuleka, funa uNkulunkulu, phenduka

Philisa umhlaba wethu



    • UNkulunkulu uhlale enikeza izinketho ezimbili: ukulalela nokwamukela izibusiso noma ukungalaleli nokulahlekelwa izibusiso. “Ngakho khethani ukuphila [ukulalela], ukuze liphile lina lenzalo yenu [thola izibusiso].” ( Duteronomi 30:19 )



Resource Credit: fustero.es

Kuhunyushwe ngu: Sibu Chanza