Managing for the Master Till He Comes

January | February | March 2023

Isifundo 1

December 31–January 6

Ingxenye Yemhuli Kankulunkulu

  1. Ngubani oyingxenye yomndeni kaNkulunkulu?



    • U-Adamu “wayeyindodana kaNkulunkulu” (Luka 3:38). Ingabe kutsho ukuthi yonke inzalo yakhe ingabantwana bakaNkulunkulu ( Malaki 2:10 )?

    • Bonke abantu bangabantwana bakaNkulunkulu ngenxa yeNdalo. Nokho, lokhu akusenzi sibe yingxenye yomndeni kaNkulunkulu. Ukuze sibe yingxenye yomndeni Wakhe kumele “sizalwe nguNkulunkulu.” ( 1 Johane 5:1 )

    • UJohane wachaza ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu ngoba uyasithanda (1 Johane 3:1-2). Lapho uJesu eba ngumuntu, waba yingxenye yomndeni wethu ngakho noma ubani ofuna ukuba yingxenye yomndeni kaNkulunkulu angaba njalo (KumaHebheru 2:11-18). Kungakho uJesu akhuluma “ngoBaba” nangokuthi “uYihlo.” ( Johane 20:17 )

  1. Ngubani ongumnikazi wakho konke

    • UNkulunkulu watshela uDavide ukuthi wayengelakulakha ithempeli, ngakho indodana yakhe uSolomoni yayizolakha. UDavide walungisa zonke izinto ezidingekayo ( 1 IziKronike 22:6-10, 14 ).

    • Khona-ke, uDavide wamema abantu ukuba balethe umnikelo okhethekile wokwakha (1 IziKronike 29:6-10). UDavide wasabela ekuphaneni kwabo ngokuthandaza kanje (1 IziKronike 29:11-16 NIV):

      • Konke okusezulwini lasemhlabeni kungokwakho” (11)

      • Ingcebo lodumo kuvela Kuwe” (12)

      • Konke kuvela kuwe” (14)

      • Sikunike kuphela lokho okuvela esandleni sakho” (14)

      • Yonke le inala […] ivela esandleni Sakho” (16)

      • Konke kungokwakho” (16)

  2. Yiluphi usizo oluphambi kwethu?

    • Isipho esikhulu kulazo zonke uNkulunkulu asinike sona yiNdodana Yakhe, uJesu (Johane 3:16).

    • Yiziphi izipho zikamoya lezokwenyama uNkulunkulu asinikeza zona?

      • Ukuba khona ( IzEnzo 17:25 )

      • Ukusindiswa ( 1 Petru 1:5 )

      • Umoya Ongcwele ( Luka 11:13 )

      • Izipho zakomoya ( 1 Korinte 12:7-11 )

      • Izibusiso zezinto ezibonakalayo ( Mathewu 6:31-33 )

  3. Yiziphi izibopho zethu?

    • UNkulunkulu usinike konke, futhi usimisile njengabaphathi bakho (Genesise 1:27-28).

    • Futhi ulindele ukusabela kothando (Mathewu 22:37). Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda?

    • UJohane wakuchaza: “Eqinisweni, yilokhu uthando ngoNkulunkulu: ukugcina imiyalo yakhe. Futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” (Bala u-1 Johane 5:3.)

    • Ukuthanda uNkulunkulu kuhlanganisa nokulalela imiyalo Yakhe. Ngeke sithi siyamthanda uBaba wethu waseZulwini uma singazimisele ukumlalela.

  4. Kufanele senzeni ngesinakho?

    • Uma uNkulunkulu esinika konke futhi esicela ukuba sikunakekele, kungani uJesu athi akumelwe sibe nengcebo emhlabeni (Mathewu 6:19)?

    • Kunabantu eBhayibhelini ababecebile futhi bahlala bethembekile kuNkulunkulu, njengo-Abrahama noma uJobe. Nokho, babengathembeli engcebweni yabo. Babebheka ingcebo yabo njengento yesikhashana, ebolekiwe, engacabangeki… (Jobe 1:21)

    • UJesu wasikhuthaza ukuba sizibekele “ingcebo ezulwini.” ( Mathewu 6:20 ). Singakwenza kanjani lokho?U

      • kwenza uNkulunkulu lomsebenzi wakhe kube yinto eza kuqala kithi ( Mathewu 6:33 )

      • Ukusebenzisa izinto esilazo ukuze sanelise izidingo zethu ( 1 Thimothewu 5:8 )

      • Ukutshumayela iVangeli ngokukhuluma langesibonelo sethu ( Roma 10:14-15 )

      • Ukubusisa abanye ngezinto esilazo langezenzo zethu ( Luka 10:36-37 )

Resource Credit: fustero.es

Kuhunyushwe ngu: Sibu Chanza